UMLANDO NGO-NDLELA

Lapha sicela siphawule ngomlando nomsuka ngo Ndlela maqondana nomunto ngqo. Shono ukuthu umsuka nenkaba umndeni wakho. Kuhle sihlale phansi nabantu abadala sibabuzisise bengakasishiyi.

 

NDLELA - MSAMANZI - by Dumisani Ndlela  -

Thina singu-Ndlela - umsuka ku Bayeni. Indabuko sasuka oBivane eduze nase Dumbe (Paulpetersburg). Ukhokho esimkhumbulayo wadabuka kuleyo ndawo, lomdeni wahlukana-ke lapho uma kuthuthwa abanye babheka o-Phongolo nase Bhunya e-Swazini. Umkhulu ozala ubaba kwakungu Gabane umfowabo kungu Dlonono ababephila ngeminyaka yo 1880 to 1930.

Labo Ndlela bona basuka enhla no Bivane behla njalo baze bazokhwakha ezintabeni eMlwane bude-buduze ne Utrecht, bephuza kakhulu umfula iNcome (Blood River). Lendawo yayinga hanjwa neze ngemoto ngenxa yamakhelekethe ezintaba. Kulaphoke okwazalelwa khona ubaba ozala thina U-Shampion ngo 1920, kanye nezingane zakubo ezine, bezalwa ngu mkhulu u-Gabane owayeganwe ogogo ababil u-gogo UmaNxumalo no gogo uMaKhumalo.

Iningi lo Ndlela abadabuka ku Gabane no Dlonono, uzobathola kakhulu manje e Newcastle, EMondlo, eThekwini nase Mpangeni. Bese ubathola futhi eGoli ngendaba yemisebenzi, kulaphoke nathi esesizinze khona nemindeni yethi. Umkhulu uDlonono yena wayeganwe uka Vundla, bazala obabomcane o Aaron Ndlela no Abrose Ndlela bona abakhe Osizweni (Nyonikhahlela).

Ngiyobuye ngibabize ngezibongo zabo zobunsiswa bonke labo Ndlela.

Uma sithakasela sithi: Ndlela, Msamanzi, Mbicini, Manzaluthuli, Khethankomo, Ntshangase - wena ka Lugogo.